Izinto okufanele uzazi:
Usithumela izinhlobo ezahlukahlukene zedatha kuye ngokuthi yiziphi izici Zamasevisi ozisebenzisayo.
- I-akhawuti ye-Firefox: Uma ubhalisela i-akhawunti, sithola ikheli lakho le-imeyili no-hash wephasiwedi yakho. Ngokwengeziwe, ungakhetha ukwengeza isithombe sephrofayela. Uma ukhetha i-Gravatar, sizokwabelana ngekheli lakho le-imeyili ne-Gravatar ukuthola isithombe sakho sephrofayela.
- Ukuvumelanisa: Uma usebenzisa Ukuvumelanisa, sithola ulwazi oluhlukahlukene ukuvumelanisa amathebhu wakho, ibha enhle, amaphasiwedi, amabhukhimakhi, izinketho zesiphequluli nenye idatha kuwo wonke amadivayisi.
- Thola Idivayisi Yami: Uma unike amandla okuthi Thola Idivayisi Yami, sithola cishe indawo yedivayisi yakho kuphela uma ungena ngemvume ku-Akhawunti yakho ye-Firefox futhi usicela ukuthi sibeke idivayisi exhunyiwe. Ngenkathi ungene ngemvume,ungabona izindawo ezaziwayo zokugcina zedivayisi yakho kumephu. Sisusa njalo lezo zindawo futhi ngeke siqoqe ezinye izindawo uze usicele ukuthi senze kanjalo.
Sisebenzisa amakhukhi, ama-GIF acacile nobunye ubuchwepheshe bewebhu ukunikezela nokuthuthukisa imikhiqizo namasevisi wethu.
-
Amathuluzi Wedatha Waku-inthanethi: Sisebenzisa "amathuluzi wedatha waku-inthanethi" njengamakhukhi, ama-GIF acacile namabhekhoni wewebhu ukuhlinzeka umsebenzi wemikhiqizo namasevisi wethu. Isibonelo, amakhukhi asiza ngokungena ngemvume komsebenzisi nokugunyaza. Futhi sisebenzisa lawo mathuluzi ukuqoqa idatha nokuthuthukisa imikhiqizo namasevisi wethu. Isibonelo, sisebenzisa amakhukhi ukuhlinzeka ukuhlaziya kwewebhu.
-
Izinketho: Ungafunda kabanzi mayelana nokuthi ayini amakhukhi futhi uphathe amakhukhi ku-Firefox ngokuchofoza lapha. Qaphela ukuthi ezinye izici zemikhiqizo namasevisi wethu namanye zingahle zingasebenzi kahle ngaphandle kosizo lwamakhukhi.